Imfihlakalo Yomshado (Samkeliso Sinenhlanhla Makhaye)
Product description
Umshado uyinto enhle kakhulu, nefanelwe ukunconywa nokukhuthazwa ukuthi abantu bangene kuwo uma sebekulungele ngokwanele. Umshado uyisifiso nephupho labantu abaningi ikakhulukazi laba abangakaze bashade noma bashadelwa ngaphambilini. Umshado awuyona lento esiyicabangayo, kodwa uyilento oyiyo uma usufike kuwo, ngamanye amazwi umshado waziwa abantu abashadileyo kuphela. Ukuba nolwazi olunzulu ngobudlelwane obuningi, lokho akusho ukuthi uyazi ngomshado, uthando olunezifungo alufani nothando olungenazo, uthando olunesisekelo alufani nolungenaso. Umshado uthokozelwa ngabantu bonke, kodwa iqiniso awusiwo owabantu bonke. Baningi abakhuluma ngomshado kodwa bayingcosana abanesambulo somshado.
Umshado uyisiqalo esihle sokwakha umuzi nesisekelo esifaneleyo sokwandisa umndeni, nokukhulisa abantwana ngendlela enemfudumalo nenhlonipho. Umshado uyithuluzi elihle ukuxhumanisa nokwakha ubuhlobo obuhle phakathi kwemindeni. Umshado unamandla okunqoba izimpi eziningi ebudlelwaneni, umshado uyintando kaNkulunkulu. Umshado awunaso isici, muhle, ungcwele, ufanelekile, kodwa ngenxa yokuthi ungowabantu futhi udalelwe abantu, ngakho abantu bavamile ukona nokuphambuka, kungakho nje umshado unezinselelo nezingqinamba zawo, okuhle kunakho konke ukuthi yonke inkinga inesixazululo sayo, asikho isimo esingadluli. Ngicela ukukunikeza isiqinisekiso esipheleleyo, lencwadi izoyishintsha impilo yakho, ikunike ithemba elisha IMFIHLAKALO YOMSHADO.