Isidoda Esimoshekile - Inkanuko Eshisayo

Isidoda Esimoshekile - Inkanuko Eshisayo (Samkeliso Sinenhlanhla Makhaye)
R250,00 incl VAT

Product description

Konke okukhona emhlabeni, kukhona ngenxa yokuthi kwadalwa, konke okuhle emhlabeni kwadalelwa umuntu ukuthi athokoze ngakho. Ziningi izidalwa ezikhona emhlabeni, kodwa isidalwa esingumuntu sibalulekile kakhulu kunazo zonke, futhi saphiwa yonke inhlakanipho phezu kwazo zonke izidalwa ezikhona. Isidoda siyimbewu ebalulekile kakhulu ekwakheni umphefumulo ophilayo ongumuntu. Ukumoshakala kwesidoda kuyinto evamile futhi cishe yenzeka mihla namalanga kubantu abaningi abahlukene, futhi ngezikhathi eziningi ezihlukene ezindaweni eziningi ezihlukene. Ukumoshakala kwesidoda akusiyo impoqo esikhathini esiningi, kodwa kuyisinqumo somuntu ngokuthanda kwakhe. Uthando noma ukuthandana kwabantu emhlabeni ngenhloso yokwakha imindeni ingezinye zezinto ezibalulekile kakhulu.

Isidoda sidlala indima enkulu, nebalulekile ekwandiseni nasekugcwaliseni abantu emhlabeni. Cishe kubili ukudla okubalulekile okudingwa umzimba womuntu, ukudla kwesisu kanye nokudla okusuthisa imizwa yocansi, ukuthi imizwa isutha nini, kubani, kanjani, konke lokho akubalulekile kwesinye isikhathi, kodwa okubalulekile nokusemqoka kumuntu ukuthi imizwa kumele isuthisiwe. Bonke abantu abake babakhona emhlabeni, nalaba abakhona manje, nabasazozalwa bonke bangumphumela wesidoda. Ngicela ukukunika isiqinisekiso esipheleleyo sokuthi kuningi obungakwazi, kodwa ozokufunda kulencwadi ISIDODA ESIMOSHEKILE.



Products specifications
CategorySelf Help
AuthorSamkeliso Sinenhlanhla Makahye
ISBN9780796167316
Book DetailsPaperback / 159 Pages / Black & White Text / White Bond Paper
Size 210 x 148mm
LanguageEnglish
Product tags